Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

UNDUNANKULU KANYE NEKHABHINETHI BAHOLA I-OSS/DDM CABINET DAY ESIFUNDENI SASE-HARRY GWALA, BEQINISA UKULETHWA KWEZINSIZA EMIPHAKATHINI

Namhlanje, uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uMhlonishwa Thami Ntuli, ephelekezelwa amalungu eKhabhinethi, bavakashele isifunda sase-Harry Gwala ngaphansi koHlelo i-Operation Sukuma Sakhe (OSS), ngenhloso yokuhlola intuthuko nokuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini.

UMhlonishwa uSipho Hlomuka, kanye noMphathi woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi (HOD), uDkt Vish Govender, bajutshwe eWard 4, e-Ixopo (Morningside), lapho beqale khona uhlelo losuku ngokuvakashela i-War Room ukuze bahlole ukusebenza kwayo. UKhansela wewadi, uMhlonishwa T.L. Mahlaba, unikeze umbiko wokuthi i-War Room isebenza kahle, kanti iminyango kahulumeni iyabamba iqhaza futhi ihlangana lapho kubizwa khona ukuze kubhekwane nezinkinga zomphakathi.

Nokho, kuphawulwe izinselelo ezisabhekene newadi, okuhlanganisa ukusetshenziswa ngokweqile kotshwala kanye nokwanda kobugebengu, okuphazamisa ukuphepha nokuphila kahle komphakathi.

Uhlelo luqhubekile ngokuvakashelwa kwephrojekthi yomgwaqo, kanye nepulazi elaziwa ngeMbheleja Enterprise, lapho kukhiqizwa khona upelepele (green pepper) kanye ne-butternut. Umnikazi wepulazi ugcizelele iqhaza labafundi nabasanda kuphothula izifundo ekusebenzeni kwansuku zonke, okukhombisa ukuzibophezela ekuthuthukiseni amakhono entsha.

Uhambo luphethe ngokuhlangana komphakathi eMbizweni kaNdunankulu eMorningside Stadium, lapho abaholi bakahulumeni bethule khona imibiko yosuku futhi baxhumana ngqo nomphakathi ngezinhlelo zokuthuthukisa izimo zokuphila.

Indawo: Morningside Stadium


Usuku: 25 March 2026

#OSS
#DDM
#HarryGwalaDistrict
#UkulethwaKwezinsiza
#WarRoomFunctionality
#UhulumeniUyasebenza
#UkuthuthukiswaKomphakathi
#KZNEducation

 

https://www.facebook.com/share/v/1CYGpaGf5J/

 
wpChatIcon
wpChatIcon