UXHASO LOKULEKELELA ABAFUNDI KWISIFUNDA ILEMBE
IThumumlilo Foundation, Themba Njilo Foundation, SAPS, Telkom Foundation, Go Digital SA Foundation, Moses Kotane Institute, behambisana noMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, banohlelo lokulekelela abafundi ngezinsiza ukuze baphumelele.
Lokhu kuhloswe ngakho ukukhuphula izinga lokuphasa kubafundi ukuze bakwazi ukuthola amathuba angcono okungena emanyuvesi.
UMnumzane BuhlebeNkosi Khuzwayo noMphathi wesiyingi saseGingindlovu umukele izihambeli kulomcimbi, “siyathembisa sizokwenza kakhulu, sesikhuphule nebesizikalele kona kumatikuletsheni ngenxa yoxhaso esilutholayo,” kubeka uMnumzane Gumede.
Izikole eziyishumi ngaphansi kwesiyingi iGingindlovu zizothola amaSim Card angalidingi idatha ukuze bafunde kwi Lightbulb sizindalwazi.
Nkosazana Nonhlanhla Buthelezi ophuma kwi Thumumlilo Foundation, uthembise ukuletha eduzane konke okungasiza abantwana abafunda ezokoleni ezisemakhaya ukuze nabo bathole amathuba afanayo nalabo abasezindaweni ezisemadolobheni.
Inkosi yesizwe saseMacambini izwakalise ukweseka othisha kanye nabafundi. Inkosi izwakalise ukuziqhenya ngomfundi wase Mathubesizwe High school, uSenamile Thabede owenze kahle kakhulu kumatikuletsheni ngo 2025 wabeka indawo yaseMacambini ebalazweni.
Obekhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natal, uSekela Mqondisi Jikele, uMnumzane Mbongiseni Mazibuko, ubonge kakhulu abaxhasi bomcimbi nakho konke okuhle abazokwenzela abafundi ukuze baphumelele. “Uma ufunga enhlizweni yakho ukuthi uzophikelela yize noma kunzima, impela uzophumelela,” kubeka uMnumzane Mazibuko.
Indawo: Bethel Mission, Ilembe District.
Usuku: 26 Nhlolanja 2026.
#KZNDOE
#SAPS
#IThumumliloFoundation
#ThembaNjiloFoundation
#TelkomFoundation
#GoDigitalSAFoundation
#MosesKotaneInstitute




