Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

OSS / DDM Cabinet Day Kuqinisa Ukulethwa Kwezinsiza eSifundeni uMgungundlovu

Uhulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, ngaphansi kobuholi bukaNdunankulu Thami Ntuli kanye neKhabhinethi yakhe, namuhla bahambele iSifunda uMgungundlovu ngaphansi kohlelo luka-Operation Sukuma Sakhe, ngenhloso yokuqinisa ukulethwa kwezinsiza emphakathini nokusheshisa intuthuko.

UMhlonishwa Sipho Hlomuka, onguNgqongqoshe wezeMfundo, ehambisana neNhloko yoMnyango kwaPublic Works, uDkt Vish Govender, bahambele uWard 5 eNhlazuka ngaphansi kukaMasipala waseRichmond.

Uhlelo luqale eMadlanyoka High School lapho kubanjwe khona umhlangano nezinhlaka zikahulumeni ezivela eminyangweni ehlukahlukene. UMeya, uCllr M.K. Ngcongo, wethule umbiko weWard, kanti uThishomkhulu, uMnu Dladla, wethule umbiko wesikole, echaza ngenqubekelaphambili, ukusebenza kwesikole kanye nezinselelo ezikhona. Uphinde wagcizelela ukuthi umsebenzi wokwakha ususondele ekuphothulweni.

UNgqongqoshe Hlomuka ugcizelele ukubaluleka kokuvakashela izikole mathupha ukuze kubonakale izinselelo zangempela nokuthi kuthathwe izinyathelo ezisheshayo. Ithimba liphinde lahlola umsebenzi wokwakha oqhubekayo, okulindeleke ukuthi uphele maduze.

Ithimba libe seliqhubekela phambili emhlanganweni omkhulu kaNdunankulu ukuyokwethula imibiko yezindawo ezihambele zona.

Indawo: Madlanyoka High School.

Usuku: 04 Mashi 2026.

#UhulumeniWaKZN

#IKhabhinethiIsebenzelaAbantu

#OperationSukumaSakhe

#OSS

#DDM

#uMgungundlovu

#IKZNDOE

#PublicWorksKZN

#UkulethwaKwezinsiza

#IntuthukoYomphakathi

wpChatIcon
wpChatIcon