Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

Operation Siyahlola, Vimbukhalo Primary School

UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnumzane Sipho Hlomuka kanye neMeya yaso Khahlamba uMnumzane Vikizitha Mlotshwa, bahambele indawo yase Bergville ngenhloso yokuzohlola umsebenzi wokwakhiwa kwesikole iVimbukhalo Primary School.

IMeya yakumaspala oKhahlamba, uMnumzane Vikizitha Mlotshwa wamukele ababe yingxenye yaloluhlelo.  “Sibonga umsebenzi omuhle owenziwe umnyango, ukwakha isikole esisezingeni eliphezulu endaweni yasemakhaya, loku kufakazela ukuthi uhulumeni uyikhathelele imfundo,” kubeka uMnumzane uMlotshwa.

Ukwakhiwa kwalesisikole kudle  imali elinganiselwa ku R 73 689, 61. Lesi sikole sinamagumbi okufundela ayi shumi nanye, amagumbi okufundela ugrade R amabili, 1 igumbi lezokuxhumana, 1 igumbi lokubeka izinto eziyizidingo zesikole, admin block, 1 igumbi lokwaluleka abafundi, indlu kanogada, ikhishi, izindlu zangasese eziyishumi nesithupha, izindlu zangasese zothisha ezinhlanu, inye indlu yangasese yabakhubazekile, izindlu zangasese ezine zabafundi baka grade R, indawo yokulahla imfucuza.

“Sibongela kakhulu umphakathi owakhele lesikole. Sicela umphakathi usivekele lesikole ngoba ila kuthuthukiswa khona abantwana babo,” kuqhuba uNksz Mokoena. 

Ethula inkulumo kwisigungu esilawula ukusebenza kwesikole,  abazali kanye namalunga omphakathi ababe yingxenye yaloluhlelo ubeke kanje uMnumzane Sipho Hlomuka, UMphathiswa wezeMfundo KwaZulu-Natal, “kumele silujabulele lolusuku lokuzobuka ukuthi umsebenzi owenziwa uhulumeni usuhambe kangakanani, sinxusa umphakathi ukuthi uyivikele lengqala sizinda esitshale kuyo imali enkulu” kusho uHlomuka.

Indawo: Vimbukhalo Primary school, uThukela District.

Usuku: 04 Ncwaba 2025.

 
wpChatIcon
wpChatIcon