Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

Khumbulekhaya wesifunda sasoThukela


UNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natali uMnu. Sipho Hlomuka namhlanje uhlanganyele noMphakathi wase Phayikeni ukuzoletha ukhisimusi wogogo no mkhulu ngenhloso yokuzobabonga njengomphakathi owadlala indima enkulu ekukhuliseni uNgqongqoshe njengoba akhulela kulendawo.

UNgqongqoshe uMnu. Sipho Hlomuka ubephelekezelwa Inkosi yesizwe Inkosi Mabaso kanye nenkosi yesizwe Khumalo, uThukela District Director Mapaseka Mokoena, uMzinyathi District Director, Mr Siphiwe Kheswa, Chief Director District Oparations Ms Thembelihle Gumede kanye Dr David Chonco obeshayela uhlelo losuku
Lomcimbi ubuhlanganise amaWard amabili Ward 15 kanye 16. Ethula inkulumo emphakathini umhlonishwa uthe lolusuku usuku oluhle kanjena usuku lokuzobonga emphakathini kepha kakhulu ukuzobonga uNkulunkulu ukuthi usigcine kwaze kwalana. Namhlanje sizobonga ukuthi nisikhulisile futhi nisaqhubeka nokusikhulisela abantwana bethu thina sazi ukuthi ingane ikhuliswa isizwe siyabonga kakhulu.

Syafisa ukuthi abantwana baye ezikoleni bayofunda ngoba imfundo iyona exosha ikati eziko nokuthi uma juvela amathuba omsebenzi uyakwazi ukugijima ayofuna umsebenzi. Othisha bavalile manje ezikoleni njengoba kungu Zibandlela kuyisikhathi sikakhisimusi. Siyabonga kakhulu umsebenzi wabo.

Ogogo no mkhulu baka Ward 15 no 16 bakhombise enkulu injabulo bebonga uNgqongqoshe ngosuku oluhle kangaka luka khisimusi wogogo no mkhulu.

Umphathi wohlelo Dr David Chonco uthe namhlanje sizobonga uNkulunkulu osithwalile unyaka wonke wasivikela ezindleleni zonke. Ukugcwala kwalelitende kukhombisa ukuthi impela usuku luka khisimusi wogogo luhambe kahle
UNgqongqoshe Hlomuka ube esefisela umphakathi wonkana ukhisimusi omuhle ophephile, onokuthula emndenini yonkana siphinde sibonane siphila ngonyaka ozayo.

Indawo: Kids Sports Field

Usuku: 18 ku Zibandlela 2025

wpChatIcon
wpChatIcon