Umcimbi Wokubungaza Usuku Lwamagugu esiFundeni saseMajuba
Namhlanje zingu-26 kuMandulo 2025 uMnyango weZemfundo ngaphansi kwesifunda sase Majuba besibungaza umkhosi wokugubha usuku lwamasiko namagugu, Lomcimbi obubanjelwe emagcekeni ase emahhovis oMnyango weZemfundo.
Phakathi kwezikhulu ebezithamele umcimbi omkhulu kubalwa usekela Mqondisi Jikelele wakwa Curriculum Management and Delivery uMnu Mbongiseni Mazibuko kanye nophethe Isifunda saseMajuba, uMnu Themi Nzama, abamele izinyunyana, kanye nezinye izicukuthwana ebezizokweseka umcimbi.
Abasebenzi bebehlobe ngobuhlalu nangemvunulo emele zonke izizwe ngenhloso yokuveza ukuthi zonke izizwe zifanele ukuhlonishwa ukuze kube nokuzwana ezweni lonkana. Eveza enkulumeni yakhe uMqondisi wesiFunda sase Majuba uthe ” Isizathu sokugubha Lomcimbi namhlanje njengesifunda sase aMajuba siqonde ukuveza ukuthi kubalulekile ukuhlonipha amasiko abanye abantu nokuveza ukukhula kwethu njengesizwe esimpisholo. Thina Sizwe esimpisholo lolusuku siluqhakambisa nangendlela esidla ngayo uma sigubha lolusuku sisondeza konke ukudla kwesintu ngoba sisuke sijabule futhi Sikhumbula ezakudala lapho sivela khona,” kunaba Mqondisi Nzama.
Usekela Mqondisi Jikelele uMnu Mbongiseni Mazibuko uveze ukuthi lolusuku lugujwa umhlaba wonke, ngemva kokuthi isizwe samaZulu sasilugubha ukuhlonipha iSilo uShaka. Namhlanje silapha eMajuba ukuzothokoza kanye nani, nokuhlonipha lolusuku oluhle kangaka. Nanhlanje siyazi ukuthi kusele nje vo amalanga angamashumi amabili nanhlanu ukuthi bahlalele ukubhala abafundi bethu bakamatikuletsheni. Lokhu kufakazelwe ukuthi namhlanje lesisifunda sihlonishwa ngesitifiketi sokusebenza kanzima kwisifundo Accounting sithi nje qhubekani nisebenze kanzima ngoba sibheke imiphumela emihle ukuphela konyaka.
Bekuthokozwa ngendlela ezahlukene lapho amahhovisi ahlukahlukene eveza ukuthokoza kwabo kubalwa khona imidlalo ehlukahlukene imishado, imileko, Amahubo kanye nezinkondlo ebezivezwa abasebenzi.
Abamele izinyunyana bazwakalise amazwi okweseka lomcimbi baphinde baveza ukubaluleka kokubambisana uma kusetshenzwa. Lolusuku oluveza ukubambisana okuhle.
Lomcimbi omuhle uphethe ngokuthi abathameli bahlanganyele ndawonye kuthokozwe ekudleni kwesintu, kwehliswa ngamahewu.
Venue: emahhovisi aseMajuba.
Date: 26 kuMandulo 2025.










