Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

Isifunda Umlazi Sibungaza Usuku Lamagugu

Namhlanje zingu-23 kuMandulo 2025, Isifunda uMlazi sigubhe usuku lwamagugu e-Addington Primary School. Lo mcimbi ubuhlose ukukhumbuza abantu ukubaluleka kwamasiko, ulimu, kanye nemvelaphi yethu njengabantu baseNingizimu-Afrika.

 

Umqondisi wesifunda, Nkk. Busi Mahlambi, uvule usuku wamukela bonke abebekhona. Ubalule ukuthi kufanele sihlale sizigqaja ngamasiko ethu, sihloniphe izilimi zethu, futhi sibumbane ukuze sakhe ubunye emphakathini wethu. Uthe “ngokubambisana singakwazi ukufeza okuningi futhi siqhubeke nokwakha isifunda esibumbene nesiphumelelayo.”

 

Izethameli zijabulise kakhulu ngesikhathi uthisha ofundisa eZiphathele Secondary School uNkk. Sharon Buthelezi ethula inkulumo yosuku, efundisa ngezaga, izithakazelo, kanye nemidlalo yendabuko eyayidlalwa kudala. Wakhuthaza abazali ukuthi bafundise izingane izithakazelo nezilimi zabo zebele, ngisho noma zifunda ngolimi lwesiNgisi ezikoleni.

Umoya wokujabula ube phezulu ngesikhathi izingane, saze Cato Crest Primary School zihuba amaculo omdabu, zihaya izinkondlo futhi zenza nemidlalo yesintu. Lokhu kube yisibonakaliso sokuthi isiko lethu liyaphila futhi liyadluliselwa esizukulwaneni esilandelayo. Abasebenzi base Mbumbulu Circuit babe sebenandisa besina, baphinde behlube amahubo esintu.

Ekupheleni kosuku, Nkk. Hadebe, uvale umcimbi ngokubonga bonke abenze lolu suku lwaba yimpumelelo, kufaka phakathi othisha, izingane, nabaxhasi abaxhase lo mcimbi.

Lo mcimbi ugcine usuku luyimpumelelo egcwele injabulo, ukuhlonipha, nobunye.

 Indawo: Addington Primary School, Isifunda uMlazi.

Usuku: 23 kuMandulo 2025.

wpChatIcon
wpChatIcon