Skip to main content

Kwa-Zulu Natal Department of Education

Kwa-Zulu-Natal-Education-logo
sa_flag ndp_2030
Banner-01
Banner-01
previous arrow
next arrow

KwaZulu-Natal Department of Education: To facilitate quality teaching and learning in a conductive classroom environment everyday.

Ukwethulwa kwe-School Plaque nguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, okuwuphawu lokuvulwa ngokusemthethweni kwesikole iVimbukhalo Primary.

IMeya yakumaspala oKhahlamba Local Municipality, uMnumzane Vikitha Mlotshwa, wamukele ngenkulu intokozo ababe yingxenye yomcimbi wokulwa kwesikole. “Sinxusa umphakathi ukuthi uyinakelele futhi uyigade ingqalasizinda eyakhiwe uhulumeni ngoba izothuthukisa abantwana benu,” kusho uDktl David Chonco, Ibamba Sekele Mqondisi Jikelele: IDS. Ukwakhiwa kwalesisikole kudle  imali elinganiselwa ku R 73 689, 61. Lesi sikole sinamagumbi okufundela ayi shumi nanye, amagumbi okufundela ugrade R amabili, 1 igumbi lezokuxhumana, 1 igumbi lokubeka izinto eziyizidingo zesikole, admin block, 1 igumbi lokwaluleka abafundi, indlu kanogada, ikhishi, izindlu zangasese eziyishumi nesithupha, izindlu zangasese zothisha ezinhlanu, inye indlu yangasese yabakhubazekile, izindlu zangasese ezine zabafundi baka grade R, kanye nendawo yokulahla imfucuza. “Umnyango weZemfundo uzimisele ukuphucula imfundo ezindaweni zasemakhaya. Ngibonga umsebenzi omuhle wabaholi abafika ngaphambili,” kuqhuba uMnumzane Sipho Hlomuka, onguMphathiswa wezeMfundo esifundazweni iKwaZulu Natal. 

Indawo: Vimbukhalo Primary school, uThukela.

 

Usuku: 24 Mfumfu 2025.  Unveiling of School Plaque by KZN MEC for Education, Mr Sipho Hlomuka, which Marks the Official Opening of Vimbukhalo Primary School The Mayor of the Khahlamba Local Municipality, Mr Vikitha Mlotshwa, welcomed the participants of the school opening ceremony. “We urge the public to take care of and maintain the infrastructure built by government because it will develop your children,” said Dr David Chonco, Acting Director General: IDS. The construction of the school cost an estimated R 73 689, 61. The school has eleven classrooms, two Grade R classrooms, 1 communication room, 1 school supplies room, an admin block, 1 student counselling room, a guard house, a kitchen, sixteen toilets, five teachers’ toilets, one disabled toilet, four Grade R toilets, and a waste disposal site. “The Department of Education is committed to improving education in rural areas. I am grateful for the good work of the leaders who came forward,” continued Mr Sipho Hlomuka, the MEC for Education in the KwaZulu-Natal province.

Venue: Vimbukhalo Primary School, uThukela. 
Date: 24 October 2025.

wpChatIcon
wpChatIcon