Inkonzo Yokuphelekezela uMnu Fana Derrick Mthembu
Baphume ngobuningi babo abangani nezihlobo kanye nabafundi baka Mnu Mthembu obenguThishomkhulu esikoleni samabanga aphansi eSibanini Primary School, ukuzombeka endaweni yakhe yokugcina nokuzobungaza impilo kaMnumzane Mthembu. Inkonzo yomgcwabo ibanjelwe eFarmers Hall, Newcastle ngaphansi kwesifunda saseMajuba.
uSekela Mqondisi Jikelele eMnyangweni wezeMfundo u-Adv. Bheki Masuku udlulisa amazwi enduduzo kumndeni, ezihlotsheni, nakubantu benkonzo. Ekhuluma egameni loMnyango WezeMfundo esifundazweni saKwaZulu-Natali, wathi siwuMnyango sigqemeke engeqiwa ntwala ngokuhamba emhlabeni kuka Mnu Fana Derrick Mthembu oqale ukusebenza kuMnyango wezeMfundo ngonyaka ka-1992, okusho ukuthi kulonyaka ubezogcwalisa iminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) esemsebenzini, esebenza ngokwethembeka. Isifundazwe saKwaZulu-Natali yisona esikhulu kunazo zonke eNingizimu Afrika. Ngonyaka owedlule, thina kwaKwaZulu-Natali, siwuMnyango sathola indawo yesi-2 kuzwelonke, ngenxa yokusebenza koThishomkhulu ezikoleni esibabeke kuzona. Akuwona umndeni kuphela olahlekelwe kepha nathi siwuMnyango silahlekelwe, kusho uDDG Adv Masuku.
Abafundi baseSibanini babhonge emswanini ngomculo ngenkathi inkonzo iqhubeka ehholo ebeligcwele phezulu. uSihlalo obekhulumela iSGB uthe uThishomkhulu Mthembu ubeyisibani qobo esikoleni, ebethanda abantu bendawo kanye nabafundi.
Inyunyana i-SADTU, lapho uThishomkhulu abekade eyilunga layo, izwakalise amazwi emndenini iholwa nguProvincial Chairperson Cde Phumlani Duma. Nabo bamchaze njengeqhawe njengesibani emphakathini waKwaZulu-Natali.
Venue: Farmers Hall.
Date : 09 November 2025.
#NSC2025 #KZNEducation #KZNDOE #ExamMonitoring #IntegrityInExams #MatricExams #ClassOf2025 #FutureLeaders #StayFocused #YouCanDoIt #LearnerSuccess #EducationMatters










